Вы находитесь на странице: 1из 25

World Missionary Press

USathane umelene noKristu - Zulu


USathane umelene noKristu Kukhona ukunqotshwa okukhulu kwemimoya emibi. Ungakhonzi uMkhohlisi, USathane noma amaDemoni. Bonke bahlulelwe phakede abamukela ezandleni noma ebunzini uphawu lweSilo ukuze bakwazi ukuthenga noma bathengise. Amaphuzu aqoqwe Ngu Watson Goodman Imahhala Ayithengiswa

USathane Umelene NoKristu USathane uchazwe ezwini likaNkulunkulu njengoMbusi walo mhlaba. Uyisitha esikhulu sikaNkulunkulu kanye nesidalwa sikaNkulunkuluumuntu. Thina bantu sisendaweni embi yempi. Le mpi iphakathi kukaKristu noSathane. Kufanele sikhethe ukuthi ubani phakathi kwalaba ababili ozoba uMbusi wethu ingunaphakade. UKristu ongumdali wethu uEmmanuel (iNkosi inathi) noma uSathane isidalwa oyinkosi yabo bonke ubudlova, emelene noNkulunkulu. Ngokufa nokuvuka kwakhe uKristu wazuza ukunqoba okuphelele kubo bonke abazokholwa ngeqiniso kuye. USathane uzama ngazo zonke izindlela ukukhohlisa nokudukisa abantu. Indumiso iyinto ebalulekile. UKristu umdali wethu ufanelwe ludumo lonke. Sifana nalowo esimdumisayo. Umzamo wokugcina kaSathane wokubamba abantu umhlaba wonke ugxile kulokhu: (1) ukunganciki kwabantu kuNkulunkulu, (2) ekuthobeleni amadimoni, (3) ekukhonzeni umuntu wesono, (4) ekukhonzeni umfanekiso womuntu wesono, (5) uphawu lwasemzimbeni oludingekayo ukuze ukwazi ukuthenga noma uthengise. Kuqaphele konke lokhu! ________________________________________________________________ Kusetshenziswe amazwi athathwe ebhayibhelini Elingcwele 1959. Asetshenziswe ngemvume.

UNKULUNKULU AKASIDALANGA ISITHA ESIMELENE NAYE 1 UNkulunkulu Wamdalela Indawo Ephakeme ULusifa Ezulwini Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wawuluphawu lokupheleleyo; wawugcwele ukuhlakanipha, wawuphelele ngobuhle. Wawuse-Edene, insimu kaNkulunkulu; onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho, isardiyu, netopazi, nedayimani, neshohamu, nejaspi, nesafire, nesimaragidu,

nekrisolithe; nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide, zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho. Wawuyikherubi eligcotshiweyo elisibekelayo; ngakubeka, waba-sentabeni engcwele kaNkulunkulu, wahamba phakathi kwamatshe omlilo. Wawuphelele ezindleleni zakho kusukela osukwini lokudalwa kwakho kwaze kwafumaniseka ukungalungi kuwe. UNkulunkulu Wasikhiphela Ngaphandle Isono Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile; ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu, ngakuchitha wena kherubi elisibekelayo, ungabikho phakathi kwamatshe omlilo. UHezekiya 28:12b-16

YINI EYABANGELA UKUBA ULUSIFA ENZE ISONO 2 Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa. IzAga 16:18 Ikusasa Lomhlubuki Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho, wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho; ngikulahlele phansi, ngikubek phambi kwamakhosi ukuba akubone. Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungile ungcolisile izindlu zakho ezingcwele; ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda; ngakwenza umlotha emhlabeni emehlweni abo bonke abakubonayo. Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe; usuluvalo, awusayikubakho kuze kube-phakade.UHezekiya 28:17-19 Noma Isiphi Isidalwa Simelwe ukuthobela Umdali Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo. Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe-ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.AmaHubo 100:2, 3 Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesaba uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.AmaHubo 112:1

UKUMENYEZELWA KOMBUSO KALUSIFA 3 Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe. Wena wathi enhliziyweni yakho: Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho. Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.

Usebenza Ukubhidliza Emhlabeni Kepha uyakuwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi. Abakubonayo bayakugqolozela, bakuqaphele, bathi: Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso, owenza izwe laba yihlane, wayichitha imizi yalo, akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke na? Uyisinengiso kuNkulunkulu Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo. Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokw ngababuleweyo, abahlatshw yinkemba, abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo.UIsaya 14:12-19a

UKUPHILA NGAPHANDLE KUKANKULUNKULU KUYABHUBHISA 4 KuLusifa Ekuqaleni Wathi kubo: Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.NgokukaLuka 10:18 Ezingelosini Ezilandela USathane Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa.II kaPetru 2:4 Kubantu USathane Angabakhohlisa Angabi ngasanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.I kuThimothewu 3:6 Ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.II kaPetru 2:19b Izulu Lifanele Libe Nentando Eyodwa - Intando Kankulunkulu Kuphela Engasolekiyo Ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo. KwabaseRoma 12:2

ILUNGELO LIKANKULUNKULU KUYO YONKE INDUMISO 5 NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila. Ungabinabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. UDuteronomi 5:6, 7 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.Izikronike I 16:29 Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu. AmaHubo 95:6 (Bheka UGenesise1:27.)

Khona uJesu wathi kuye: Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa. NgokukaMathewu 4:10 Ngase ngiwa phansi phambi kwe-zinyawo [Ingelosi] ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu.IsAmbulo 19:10a Okhohlisiwe Udumisa Umhlubuki Umhlaba wonke walandela isilo, umangala; bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe, bakhuleka nakuso isilo.IsAmbulo 13:3b,4a

UNGADUMISI IZITHA ZIKANKULUNKULU! 6 USathane Namadimoni Bayayifisa Indumiso USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; wathi kuye: Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.NgokukaMathewu 4:8, 9 Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezozinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba.IsAmbulo 9:20 UNkulunkulu Uyababhubhisa Abadumisi Abanjalo Kwase kuvela isilonda esibi esinobuhlungu kubantu abanophawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso. Bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo.IsAmbulo 16:2b; 20:13b, 14 NginguJehova; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udu-mo lwami. UIsaya 42:8

IZINGELOSI ZIKAKRISTU KANYE NEZINGELOSI ZIKASATHANE 7 Izingelosi Zenkosi Zinamandla Kunezingelosi Ezawiswa ZikaSathane Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.AmaHubo 103:20 Kwase kuba-khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako. Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba. IsAmbulo 12:7, 8a Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke. AmaHubo 91:11

Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na? KumaHeberu 1:14 Izingelosi Ezawa (Amadimoni) Kuzimisele Ngokufaka Abantu Bonke Esihogweni Azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye....NgokukaLuka 11:26b Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni.I kuThimothewu 4:1

NGUBANI FUTHI YINI USATHANE AYIZONDA KAKHULU 8 Kuth iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise. NgokukaLuka 9:42 UKristu (uNkulunkulu Esenyameni) Nensindiso Ebuntwini Bakhe Kanye negazi Elinamandla Obunkulunkulu Khona uHerode,...wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bo-nke abantwana besilisa baseBetlehema...abaminyaka-mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi. NgokukaMathewu 2:16 Imindeni Nesibusiso SikaNkulunkulu Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe. UGenesise 12:3 Izwi LikaNkulunkuku USathane Uphambene Nalo Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi...? Inyoka yathi kowesifazane: Aniyikufa nokufa. UGenesise 3:1b, 4 Amakholwa Azelwe Ngomoya Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya. I kaPetru 5:8b

USATHANE, UMLINGISI 9 Ulingisa Uphawu Lokuba Umnikaziyo Akusayikubakhona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo, nezinceku zakhe ziya-kumkhonza, zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo. IsAmbulo 22:3, 4 (Bheka ukulingisa kukaSathane, ikhasi 35.) Uphendukezela Ivangeli Ngamanga Kuphela ukube bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu. KwabaseGalathiya 1:7b

Lingisa Izikhonzi ZikaNkulunkulu Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu. Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya. II KwabaseKorinte 11:13, 14 Izimangaliso ZikaNkulunkulu Zi-melene Nezimangaliso Zamanga (2 Thes. 2:9; IsAmb. 13:13, 14;19:20) USathane uyinkosi yalabo abamdumisayo yena noma onkulunkulu bakhe. Jehova Nkulunkulu wethu, amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile. UIsaya 26:13a

ZIGCINENI NINA EKUKHONZENI IZITHIXO 10 Bantwanyana, zilindeni ezithombeni. I kaJohane 5:21 Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi.UEksodusi 20:3-5a Abanye onkulunkulu Bayisinengiso kuNkulunkulu. Iminikelo yokwenyama Akayinaki Niyakuchitha nokuchitha zonke izindawo, lapho izizwe eniyakuzi-dla zazikhonza khona onkulunkulu bazo ezintabeni eziphakemeyo, nasemadulini, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza. Xwaya ukuba ungacushwa ukuzilandela sezichithiwe phambi kwakho. Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wa-kho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.UDuteronomi 12:2, 30a, 31 Ngiyakunika...isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na? UMika 6:7b Igazi likaKristu liyazihlanza Izono.

UKUKHONZA IZITHIXO 11 Ubuphukuphuku Bokukhonza Izithixo Baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen. KwabaseRoma 1:25 Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo. Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kepha aziboni. Izindlebe zinazo, kepha azizwa; zinamakhala, kepha azihogeli. Zinezandla, kepha aziphathi; zinezinyawo, kepha azihambi; azikhulumi ngomphimbo wazo. Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.AmaHubo 115:3-8 Ukukhonza Izithixo Ukukhonza USathane Kubalekeleni ukukhonza izithombe. Kodwa ngithi: Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela

amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni. I KwabaseKorinte 10:14b, 20 Nabakhonza izithombe...isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili. IsAmbulo 21:8b

UKUKHONZWA KWEZITHOMBE (KUKASATHANE) 12 KUYAZONDWA NGUNKULUNKULU UNkulunkulu Wazibhubhisa Izizwe Ngenxa Yezithixo. Ungabi Nasithixo Emzini Wakho Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho; awuyikungenisa isinengiso endlini yakho, ubeyinto eqalekisiweyo njengaso. UDuteronomi 7:25-26a Kungani abaningi babekhethe amadimoni esizweni sikaNkulunkulu esikhethiweyo ngesikhathi sikaKristu? Obabamkhulu babo babekhonza izithixo. Bakhonza izithombe zabo, zaba-lugibe kubo. Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni. Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe labayisinengiso kuye. AmaHubo 106:36, 37, 40 Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNulunkulu wakho ngingu Nkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo. UEksodusi 20:5

ZONKE IZINHLOBO ZOKUTHAKATHA ZIYISONO 13 Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile. UEksodusi 22:18 Ngiyakunquma ukulumba esa-ndleni sakho, kungabe kusabakho kuwe abahlola imihlola.UMika 5:12 Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi. USamuweli I 15:23 Nxa usufik ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezozizwe. Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezizinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.UDuteronomi 18:9-12

Ukubhula: Indlela yokubona ikusasa ngokusebenzisa imimoya yabafileyo; imilingo yobunyama.

UKUBONISWA NGEKUSASA NGOSIZO LWEMIMOYA EMIBI 14 UNkulunkulu Uyakuzonda Uku bhula Ngezinkanyezi, Imimoya, Ukuzisika Kanye Nokuzibeka Izimpawu Emzimbeni Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola. Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova.ULevitikusi 19:26, 28 Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu, nababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu. UJeremiya 27:9a Ngokuba amatherafi akhulumile okuyize, nababhuli babon okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho, baduduza ngeze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe ngokuba kungekho umalusi. UZakariya 10:2 Ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga.... UMalaki 3:5b Ukubona: Ukuboniswa ngekusasa usebenzisa izindlela ezingaziwa futhi ezingelona iqiniso. Ukuthakatha: Imilingo ngokusebenzisa imimoya emibi.

HLUKANA NAZO ZONKE IZINDLELA ZOKUBHULA 15 Ukubhula Ngemimoya Evamisileyo Lapho bethi kini: funani kwabanamadlozi nakubathakathiababetha imilozi, banyenyeze pho, aba ntu, abayikufuna uNkulunkulu wabo yini?UIsaya 8:19a Ukusebenzisa Izitho Zomzimba, Nezithombe Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi, ibheka esibindini.UHezekiya 21:21 Ukubhula Ngenduku Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba. UHoseya 4:12 Isijeziso Ngokubhula Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye, engabuzanga kuJehova. Izikronike I 10:13, 14a Ababoni bayakuba namahloni, ababhuli bayangaze;...ngokuba akuvelimpendulo kuNkulunkulu. UMika 3:7

IZINDLELA INKOSI YALO MHLABA ESEBENZA NGAZO 16 Abangakholwa Bakholelwa Ezinkanyezini Usho kanje uJehova, uthi: Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini, ngokuba abezizwe bezesaba. UJeremiya 10:2 Ungathembeli ezimpawini noma ezintweni eziphathekayo ukuze ube nenhlanhla noma uzinikele emculweni kaSathane nasemfanekisweni. Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi (AmaHubo 101:3a.) Memezela ukujabula ujabhise ukholo olufile. Maye kinia babhali nabaFarisi, bazenzisi,...kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! NgokukaMathewu 23:27 Ukuzibulala Kuvela kuSathane Ungakholwa amanga avela kuSathane ukuthi ukuzibulala kuletha inkululeko ezinkingeni noma kunembeza! Ungabulali (UEksodusi 20:13.) NguKristu Kuphela Okhulula Unembeza (Bheka ikhasi 48 no 49.) UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso kimi. UEksodusi 15:2a

QAPHELA IMILAYEZO KASATHANE 17 Angabaprofethi Bamanga Wayesethi uJehova kimi: Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo. UJeremiya 14:14 Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, be-nze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka. NgokukaMarku 13:22 Ngukukhuluma Nasebafa Iholwa ngumoya kaNkulunkulu, Inkosi uDavide wathi ngendodana yakhe, Manje usefile;...kepha yena akayikubuyela kimi.USamuweli II 12:23 Ungakhulumi nemimoya emibi, ngaphandle kokuthi uyiyale ngegama likaKristu ukuba iphume. Ungabeki ithemba lakho ekufundeni imilingo yesandla izinqwembe noma yintoni ephathekayo. Kepha ukusindiswa kungokukaJehova (IzAga 21:31b.) Bhubhisa izithixo, namabhuku kaSathane Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke. Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba.IzEnzo 19:19a, 20

UKRISTU WALUDALA UCANSIUSATHANE WALUPHENDUKEZELA 18 Ucansi Lwadalelwa Abashadileyo Kuphela UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakubanyamanye. UGenesise 2:22, 24 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.KumaHeberu 13:4 Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukane nendoda; kepha uma ek wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe nendoda ingamlahli umkayo. I KwabaseKorinte 7:10, 11 (Bheka Rom. 7:2; Mark. 10:9.) Owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. I kaJohane 3:8a Ungowalowo Othobela Izimiso Zakhe Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo. KwabaseRoma 6:16a

UKUHLOBONGA NOKUPHINGA KUPHAMBENE 19 NENKAMBISO KANKULUNKULU Ungaphingi. UEksodusi 20:14 Ngokuba lokhu kuyintando ka-Nkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni. I KwabaseThesalonika 4:3 Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.ULevitikusi 20:10 Isono Emzimbeni Wakho Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba. Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.I KwabaseKorinte 6:13b, 15a, 18 Abazali Kufanele Bazivikele Esonweni Socansi Awuyikuhlambalaza indodakazi yakho ukuyenza isifebe, funa izwe lehlelwe ngubufebe, izwe ligcwale ukonakala. ULevitikusi 19:29

Ukuhlobonga: Ukulalana phakathi kowesilisa nowesifazane bangashadile. Ukuphinga: Ukulalana kwabashadile nomunye okungesiye owomshado.

USATHANE WEHLULWA NGENKATHI UKRISTU EFA 20 Ngokuba njengalokhu kuAdamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa. I KwabaseKorinte 15:22 INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.I kaJohane 3:8b Ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso. KwabaseKolose 2:15 Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obenawo amandla okufa onguSathane, abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni. KumaHeberu 2:14, 15 Ingunaphakade Yethu kuKristu Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi, kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu u-Kristu Jesu, owachitha ukufa, walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli. II kuThimothewu 1:9, 10

UKUNQOBA KWAMAKRISTU USATHANE 21 Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; melanani naye niqinile ekukholweni. I kaPetru 5:8, 9a Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.... Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifez konke, nime. Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi, namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya.Kwabase-Efesu 6:11-18a Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela. EkaJakobe 4:7 Ngokuba lowo [Kristu] okini mkhulu kunaye [Sathane] osezweni.I kaJohane 4:4b

Kungani uSathane ebaleka: uKristu ungakuwe!

IGUNYA LIKAKRISTU 22 Ulizwi LikaNkulunkulu UNkulunkulu...ekugcineni kwalemihla ukhulum kithina ngeNdodana ayimis ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.KumaHeberu 1:1a, 2 Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali. NgokukaMarku 1:22 Nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, ne-nkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.I KwabaseKorinte 8:6 Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.NgokukaJohane 5:27 Okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekw phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.I kaPetru 3:22 Ngokuba ngenxa yalokho uKri-stu wafa, wabuye waphila ukuba abeyiNkosi yabafileyo neyabaphilayo. KwabaseRoma 14:9 UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni. NgokukaMathewu 28:18

UKRISTU UNAMANDLA OKWENZA NOKUKHULUMA 23 Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi du. Kwanqamuka umoya, kwabakhona ukuthula okukhulu.NgokukaMarku 4:39 uKristu Ukhipha Imimoya Emibi Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye. Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele. NgokukaMarku 1:26, 27 Unamandla Okusindisa Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izonowathi kof uhlangothingithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho. Wayesevuka, wathatha masinyane uhlaka lwakhe, waphuma phambi kwabo bonke, baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: Asizange sikubone okunje.NgokukaMarku 2:10-12 Wavusa Abafileyo Ngamandla Akhe

Yayisithi: Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka! Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina. NgokukaLuka 7:14b, 15

UKRISTU UNIKEZA ABAMLANDELAYO IGUNYA NA- 24 MANDLA PHEZU KWAWO WONKE AMANDLA ESITHA Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho. NgokukaLuka 10:19 Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.NgokukaLuka 9:1 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kulentaba: Nqukuleka, uphonseke elwandle, engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.NgokukaMarku 11:23 Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.KwabaseFilipi 4:13 UJesu wayesethi kuye: Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo. NgokukaMarku 9:23 Nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu.Kwabase-Efesu 1:19

UNGAYIKHIPHA KANJANI IMIMOYA ENGCOLILE 25 Yikhuze, Uyiyale, Ukuba Iphume Ngegama LikaJesu Ngokuba wathi kuye: Phuma kulomuntu, moya ongcolileyo. Wayesembuza ethi: Ngubani igama lakho? Wathi kuye: NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni.... NgokukaMarku 5:8, 9, 13b UJesu...wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye. Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: Usefile. Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma. Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla. NgokukaMarku 9:25b-27, 29b Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya: Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo. Wayesephuma ngaso leso sikhathi.IzEnzo 16:18b UJesu wamkhuza wathi: Thula, uphume kuye! Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga.NgokukaLuka 4:35

IGAMA ELIPHAKEME LIKAJESU 26,27 Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. NgokukaJohane 14:13 Ngalokhoke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu a-madolo onke aguqe, awabasezu-lwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba. KwabaseFilipi 2:9, 10 Emva kokubuyisela uNkosikazi wami nomndeni wami emuva e-Africa ngokukholwa ukuba bayosebenzela uKristu, ngaphaphama ebusuku ngihlaselwe umoya omubi. Ngenkathi ngihambisa idolo lami ukuba lithintane nalokho engangikubona ukuze ngiqiniseke ukuthi yinto yempela, ngokushesha nangamandla amakhulu kweza konke entanyeni yami kwangicindezela. Ngathola ithutshane lokukhala ngisho amagama amathathu Jesu ngicela ungisize! Ngokushesha kwasekuhambile. Angikaze ngiphinde ngibe kuleso simo isikhathi esiyiminyaka engu - 46 kuze kube manje. Kunamandla asebenzayo egameni likaJesu Kristu ngaphezu kwamadimoni noSathane! Biza igama likaJesu ukuze usindiswe futhi ukhululwe (kwabaseRoma 10:13). Enye intombazana yatshela uNkosikazi wami nami ukuthi ngenkathi isekolishi, omunye owesilisa owayesemncane wayicela ukuba balule izinyawo. Bahamba-ke ngasemzileni wesitimela. Kuwona umzila lona ndawana thile wazama ukuyibulala efisa kube sengathi ibulawe yisitimela. Intombazana lena yabiza igama likaJesu Kristu. Lo mfana waphelelwa ngamandla. Ngamandla kaJesu yayisimqhuba phambili njalo lona owesilisa babuyela emuva ekolishi. Enye intombazana yatshela uNkosikazi wami nami ukuthi ngenkathi isencane, ngobuphukuphuku yavula umnyango endlini lapho ihlala khona kunomcimbi othiwa owokwaziswa ngezinhlanhla. Emva kwalokho kwaba nemimoya eyeyikade ifika igudluze izimpahla endlini yale ntombazana. Ngokungethembi, yayikhuza ikuba iphume endlini yayo ngegama likaJesu Kristu, yaphuma imimoya. Yazinikela ngokuphelele egameni likaJesu Kristu. Ungabi nasihe nasihawu noSathane kanye namadimoni. Injongo yawo iyodwa, ukuba ube ngakuwona umelane noNkulunkulu. Omunye wezikhulu zebandla likaKristu ehlaselwe ubuhlungu enyameni futhi ephazamisekile emqondweni. Wangi-tshela izinto uSathane owayezisho kuye. Wayezenza sengathi ufisa ukusizana naye. Ngasho ngathi uSathane ungumnini wenkohliso kubantu, akufanele wethembe nalinye lamazwi awashoyo. Ngaqalekisa uSathane egameni likaJesu Kristu. Wayebukeka enokuthula kuKristu amaviki ayisihlanu ngaphambi kokuba adlule emhlabeni. Watson Goodman

UKRISTU NOSATHANE BAYASHAYISANA 28 UKristu Ungumdali Ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona.KwabaseKolose 1:16

UKristu Unikeza Ukukhanya Nokuthula Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula. NgokukaLuka 1:79 USathane Namadimoni Bayabhubhisa Isela kalizi kungengokweba no-kubulala nokubhubhisa.NgokukaJohane 10:10a Maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu...! IsAmbulo 12:12b USathane Unikeza Ubumnyama Nobuhlungu Indlela yababi injengobumnyama.IzAga 4:19a Nesicebi safa, sembelwa. SesiseHayidese saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini. NgokukaLuka 16:22b, 23a

USATHANE NOKRISTU BAYASHAYISANA 29 UKristu UyiQiniso ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.NgokukaJohane 1:14; 8:31b, 32 UKristu Ugcwele Uthando Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yehtu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.I kaJohane 3:16 USathane Ungubaba Wamanga Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zi-kayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.NgokukaJohane 8:44 USathane Uhlumelelisa Inzondo Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. NgokukaJohane 15:18 Kepha imisebenzi yenyama isobala...nobutha...nokuthukuthela. KwabaseGalathiya 5:19a,20a

UKRISTU NOSATHANE BAYASHAYISANA 30 UKristu Uyawuhlanza Umphefumulo Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke. I kaJohane 1:7

UKristu Unikeza Ukuphila Okuphakade Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu. NgokukaJohane 17:3 USathane Ungcolisa Umphefumulo Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna. Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama.KwabaseGalathiya 6:7, 8a USathane Uholela Ekufeni Kwaphakade Kodwa ukhula ngabantwana bomubi; kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane...Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni.NgokukaMathewu 13:38b-40a

USATHANE NOKUBUSWA KOMHLABA 31 Ungumbusi Walo Mhlaba Okwamanje Angisayikukhuluma [uJesu] okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho kimi. NgokukaJohane 14:30 Uma Izinto Zingahambi Kahle, Sola Yena Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni; ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.EkaJakobe 3:15, 16 Uma uSathane ethola ithuba, uqeda inkululeko yokudumisa uKristu ngenhliziyo evulelekileyo. Angeke ayiqeda inhliziyo enothando lukaKristu. UStefanu bamkhanda ngama-tshe ekhuleka ethi: Nkosi Jesu, yamukela umoya wami. Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: Nkosi, ungababaleli le-sisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo. IzEnzo 7:59, 60 UKristu Nombuso Womhlaba Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihla-lweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube-phakade. UIsaya 9:7a

UMPHIKUKRISTU UMBUSI WOMHLABA OZAYO 32 Umuntu Wesono Onikezwe Amandla NguSathane Kepha siyanxusa, bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo. Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa, omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into

ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu. Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo, lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga. II KwabaseThesalonika 2:1, 3, 4, 8, 9 Udrako [uSathane] wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu. Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe. IsAmbulo 13:2b, 7

UMPHIKUKRISTU UZOLWA NABANGCWELE 33 Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi. Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni. UDaniyeli 7:25, 26 Sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili. Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele lakhe, nabo abahlezi ezulwini. Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe. Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba. Uma ekhona onendlebe, makezwe. IsAmbulo 13:5b-9 Yilwa ukulwa okuhle kokukho-lwa, ubambelele ekuphileni oku-phakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.I kuThimothewu 6:12

UNGAKHONZI ISITHOMBE SOMPHIKUKRISTU 34 Umholi womhlaba wezenkolo usiza umphikuKristu ukudukisa umhlaba. Futhi sibadukisa abakhileyo e-mhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda. Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe. Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso,...labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule. IsAmbulo 13:14, 15; 19:20 Abatwana BakaNkulunkulu A-bakhonzi Abanye onkulunkulu Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla o-kusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi. Kepha noma kungenjalo, makwazeke

kuwe-nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, singakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.UDaniyeli 3:17, 18

UMPHIKUKRISTU: ZINIKELE NOMA UBULAWE YINDLALA 35 Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso....Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu. IsAmbulo 13:16-18a Usuku Lokulunga Kwabasindisiweyo Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu. Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumisa itabernakele phezu kwabo. Kabasayikulamba, kabasayikoma, kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.IsAmbulo 7:14b-17 Kungcono ukungena ezulwini ulambile kunokuya esihogweni usuthi!

BONKE ABANTU BAZOBHUBHA ABAMUKELA 36 NABADUMISA UMPHIKUKRISTU NOMA ABAMUKELA UPHAWU EMZIMBENI WABO UKUZE BAKWAZI UKUTHENGA NOMA BATHENGISE Yalandela enye ingelosi yesithathu, ithi ngezwi elikhulu: Uma kukhona okhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, elwamukela futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe, naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu. Nomusi wokuhlushwa kwabo uyenyuka kuze kube phakade naphakade; abasenakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso nalowo owamukela uphawu lwegama laso. Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu. Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesisikhathi. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela. IsAmbulo 14:9-13

UKUNQOTSHWA PHEZU KOPHAWU 37 NOMFANEKISO KASATHANE PHAMBI KOLAKA LUKANKULUNKULU KUZA EMHLABENI Izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu. Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi,

benamahabhu kaNkulunkulu. Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu. IsAmbulo 15:1b-2; 16:1 (IsAmbulo 16-18: Izinhlupho eziyisikhombisa nemiphumela.) Abafela Ukholo Abanqunywa Bayabusa Ngabona nemiphefumulo yababenqunyw amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.IsAmbulo 20:4b

AMAGADDONI, IMPI UKRISTU AYIMISAYO 38 Amadimoni Ahlanganisa Izizwe Ukuba Zilwe Ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni. IsAmbulo 16:14, 16 UKristu Ukhulula Izwe Lakhe Nabantu Bakhe Abakhethiweyo, U-Israel Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libeyitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela. UJehova uyakuphuma, alwe nalabo bezizwe nje-ngasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa. Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalw neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.UZakariya 12:3; 14:3, 12 Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? KwabaseRoma 8:31b

UKRISTU UNGUMBUSI WOKUGCINA WOMHLABA 39 Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi. KwabaseRoma 1:18 Emlonyeni wakhe kwaphuma i-nkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.IsAmbulo 19:15, 16 UmphikuKristu ubusa iminyaka emincane. UJesu uzobusa lapha iminyaka engu 1,000 lapha, bese ebusa ingunaphakade. Kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. IsAmbulo 20:6b

Ezinsukwini zalawomakhosi u-Nkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu. UDaniyeli 2:44a Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho. AmaHubo 86:9

USATHANE WEHLULWA EMPINI YAKHE NONKULUNKULU 40 Kwase kubakhona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako. Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba....Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye. Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonsw phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.IsAmbulo 12:7-10 Izikhali Zokunqoba Le Mpi Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobu-fakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwabasekufeni. IsAmbulo 12:11 Imphumelo Yokuphila Nokuphila Okuphakade NoSathane owazidukisayo wa-phonswa echibini lomlilo nesibabule,...ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kubephakade naphakade.IsAmbulo 20:10

UNGOKABANI UMBUSO WAPHAKADE? 41 ULusifa kwakufanele ukuba alalele ukuze abe sentokozweni yeZulu phakade. (Funda UIsaya 14:13, 14 ekhasini 3.) Inkosi uKristu Ibusa Kuze Kube Phakade Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Izikronike I 29:11 Ngokuba njengalokhu kuAdamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa. Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, besekuba-ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe, andukuba kufike ukuphela, nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise, lapho esechithile ukubusa konke, nobukhosi bonke, namandla. Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.I KwabaseKorinte 15:2226 Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kubakhona amazwi amakhulu ezulwini athi: Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade. IsAmbulo 11:15

USATHANE NAMADIMONI, IZITHA ZAKHO 42 USathane Ungcolisa Umzimba Nomphefumulo Ngobungqingili, Ukubulala Abantwana Bengaka-zalwa Kanye Nokuba Namadimoni Ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo. KwabaseRoma 1:27 Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova,...nezandla ezichitha igazi elingenacala.IzAga 6:16a, 17b Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowomuntu kuba-kubi kunokuqala.NgokukaMathewu 12:45a Funa kuphela uNkulunkulu ophilayo. Ungabizi abanye onkulunkulu ukuze wazi ngekusasa, ufunde imiqondo, usindiswe emzimbeni. USathane umhlubuki omelene noNkulunkulu umelene nakho konke lokhu. Usebenza ngezinkolelo eziyize. NguJesu kuphela ongakukhulula. Ungazinikeli kunoma uluphi ongcwele uhlobo lomoya ongesiye uMoya ongcwele kaNkulunkulu. Kholwa kuphela yiBhayibheli kanye neNkosi uJesu Kristu. (Bheka IsAmbulo: 19:13.)

KUYOVELA ABANINGI ABAYODUKISA ABANINGI 43 Noma iyiphi imfundiso engaholeli endleleni engumngcingo yokuthethelelana, ukuhlanjululwa nokuphenduka ngenxa kaJesu Kristu ingamanga futhi iyakhohlisa. UJesu waphendula, wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: Mina nginguKristu, badukise abaningi. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. NgokukaMathewu 24:4, 5, 11 Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu. KwabaseFiliphi 3:18, 19a Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. NgokukaMathewu 6:14 Igazi LikaJesu Elinqabileyo Liyakhulula Nazi ukuthi anihlengwanga eku-hambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala; enikholwa nguNkulunkulu ngaye. I kaPetru 1:18, 19, 21a

WO, MINA MUNTU WOSIZI! 44 USathane Ubaphethe Abangasindisiwe Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo, okukubona abangakholwa unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu. II KwabaseKorinte 4:3, 4 Ulaka Emoyeni Wokungalaleli Enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yalelizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli, esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye. Kwabase-Efesu 2:2, 3 Ukubuswa Umthetho Wesono Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya. UIsaya 64:6 KuKristu Kunokunqoba Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.KwabaseRoma 8:1

ABANTU ABANGASINDISIWE BANGABAKASATHANE 45 Insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi. NgokukaMathewu 13:38 Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. NgokukaJohane 8:44a kuAdamu, Samhlubuka uNkulunkulu Ongenami umelene nami; onga- buthi nami uyahlakaza.NgolukaMathewu 12:30 Yingakho Kufanele Sizalwe Kabusha Ngomoya kaKristu Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvel okusha. II KwabaseKorinte 5:17 Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; ngizinika ukuphila okuphakade. NgokukaJohane 10:27, 28a Zinikele Ngokuphelele Enkosini uJesu Manje Bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso. II KwabaseKorinte 6:2b Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi. I kaJohane 1:9

UKUNQOBA KWAPHAKADE KUJESU 46 Ngubani ozakusahlukanisa no-thando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na? Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.KwabaseRoma 8:35, 37 Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqob izwe: ukukholwa kwethu. I kaJohane 5:4 Kuzuza Labo Abanqobayo Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela. IsAmbulo 2:17 Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe. IsAmbulo 2:26 Ubaluleke kakhulu kuNkulunkulu. Ikhalvari yakukhombisa lokho! Kungesikho ukuthi singaba na-mandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu. II KwabaseKorinte 3:5

ZIKHETHELE UKUBA UBANI OZOMDUMISA 47 KUZE KUBE PHAKADE Vela noKristu Enkazimulweni Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. Nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni. Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe. KwabaseKolose 3:1, 2, 4, 5 Noma Uqalekiswe noSathane Phakade Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe. NgokukaMathewu 25:41 Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo, bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu. AmaHubo 9:17 Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili.NgokukaMarku 9:43

UMBUSO WEZULU UNGOWAKHO 48

Zithobe Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalomntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.NgokukaMathewu 18:2-4 Phenduka Esonweni Kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo lelwa kwezono. Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, wathi: Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli. NgokukaMarku 1:4, 14, 15 Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ka-njalo nonke. NgokukaLuka 13:3 Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.IzEnzo 3:19 UJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele. NgokukaMathewu 4:17b (Kukhona okunye ekhasini elilandelayo.)

MUKELA UKRISTU NJENGENKOSI YAKHO NAMUHLA Zinikele Wena kuJesu Kristu oNikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza. AmaHubo 37:5 Ngokuba uNkulunkulu walitha-nda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade. NgokukaJohane 3:16 Bona bathi: Kholwa yiNkosiuJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho. IzEnzo 16:31 UNkulunkulu Usinikeza Ilungelo Lokuba Sibe Abantwana Bakhe Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe-ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe.NgokukaJohane 1:12 Vuma uJesu Obala Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umu-ntu ukholwa ngenhliziyo kubengukulunga, ngomlomo uyavuma kubengukusindiswa. Ngokuba umbhalo uthi: Lowo okholwa akayikujabhiswa. KwabaseRoma 10:9-11

Ishicilelwe ngezilimi eziningi yiWorld Missionary Press njengoba uNkulunkulu epha imali ukuphendula umkhuleko. Nezinye izincwajana ziyatholakala. Uma ufuna ukuthola ezinye ukuze uzinike abanye siza ubhale usitshele, ngesiNgisi uma kungenzeka. Chachisa ukuthi udinga

eyaluphi ulimi noma yiziphi izilimi ozidingayo endaweni yakho, nokuthi ufisa ukuthola inani elingakanani ngokwahlukana kwazo ukuze uzedlulisele kwabanye abasemkhulekweni. Sicela usazise ukuthi uhlele ukuthi uzozidlulisela kanjani kwabanye.

If you are interested in receiving additional Scripture booklets, write to the publisher in English at the address below or order online:
World Missionary Press, Inc. P.O. Box 120 New Paris, Indiana 46553-0120 U.S.A.

Вам также может понравиться